Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Abantu bafika eBhethele, bahlala lapho phambi kukaNkulunkulu kwaze kwaba kusihlwa, badazuluka, bakhala kalusizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Abantu base befika endlini kaNkulunkulu, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu; baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:2
10 Referans Kwoze  

Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


Abantwana bakwa-Israyeli bavuka, bakhuphukela eBethele, babuza kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani oyakusikhuphukelela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na?” UJehova wathi: “NguJuda kuqala.”


UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.


Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?” UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”


Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


Wayesethi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba!” U-Esawu wadazuluka, wakhala.


Bathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, lokhu kwenzelweni kwa-Israyeli ukuba kusilale namuhla esinye isizwe sakwa-Israyeli na?”


Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite