Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Abantu babenozwela ngabakwaBhenjamini, ngokuba uSimakade wayenze kwaba noqhekeko ezizwaneni zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Abantu basebezisola ngoBenjamini, ngoba uJehova wayeqhamuke ezizweni zakoIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:15
8 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Israyeli bamhawukela uBenjamini umfowabo, bathi: “Kunqunyiwe namuhla esinye isizwe kwa-Israyeli.


Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.


ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.


Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”


UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.


Athi: “Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini, ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli.


UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.


Amalunga enhlangano ayesethi: “Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite