Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngakho-ke inhlangano yathumela amabutho ayizi-12 000 kubo, yawayala yathi: “Hambani nibulale ngenkemba izakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi, ngisho abesifazane nezingane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inhlangano yathuma khona amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nambili kumaqhawe amakhulu, yabayala, yathi: “Hambani nibulale abakhileyo eJabeshi kwaGileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nabantwana.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:10
9 Referans Kwoze  

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Yisiphi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga ebandleni kuJehova na?” Ngokuba bebefungile isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukeli kuJehova eMispa ukuthi wobulawa nokubulawa.


‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi kaJehova; ‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehova ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benaye bamthatha u-Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.


woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwenkemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nezinkomo zawo, ngosiko lwenkemba.


Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.


Bathi: “Yisiphi kuzo izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na?” Bheka, akufikanga muntu ekamu* ovela eJabeshi Gileyadi ukuya ebandleni.


Sebebalwa abantu; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite