Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abantu baseGibeya bangivukela, bahaqa indlu nxazonke zami ebusuku; bacabanga ukungibulala mina, nesancinza sami basona; sesifile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Izakhamuzi zaseGibheya zangivukela, zazungeza indlu ebusuku. Zaziqonde ukungibulala; zadlwengula isancinza sami saze safa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abantu baseGibeya bangivukela, bahaqa indlu nxazonke zami ebusuku, befuna ukungibulala; isancinza sami sabaphoqa ukuthi sifile.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:5
10 Referans Kwoze  

Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”


niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Yathi kuye: “Vuka sihambe,” kepha akuphendulanga muntu. Yayisimbeka embongolweni yayo; wasuka lowo muntu, waya endaweni yakhe.


UmLevi, umyeni wowesifazane owayebulewe, waphendula wathi: “Ngafika eGibeya lakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukulala khona.


“ ‘Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.


Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite