Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:48 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini, bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini, nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

48 Ngaleso sikhathi, abakwa-Israyeli baphindela emuva, babulala ngenkemba abakwaBhenjamini ababesemzini: abantu, izilwane, nakho konke okwakusele, ngisho nemizi eyayisele bayithungela ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 Amadoda akwa-Israyeli abuyela kubantwana bakwaBenjamini, ababulala ngosiko lwenkemba, namadoda akuleyo naleyo mizi, njengezilwane, nabo bonke abafika esandleni; bathungela yonke imizi ngomlilo abafike kukho.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:48
7 Referans Kwoze  

Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emuva ngu-Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, bathatha impango eningi.


Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.


Abantu bakwa-Israyeli babefungile eMispa, bethi: “Akuyikubakho muntu oyakunika owakwaBenjamini indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.”


Abantwana bakwaBenjamini benze njalo, bazithathela abafazi njengenani labo kwabasinayo, ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo, bakha imizi, bahlala kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite