Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UBenjamini waphuma eGibeya ukulwa nabo ngosuku lwesibili, wabuye wachitha abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ezweni labantwana bakwa-Israyeli; bonke bahosha izinkemba zabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:25
11 Referans Kwoze  

Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwabakwa-Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


Abantwana bakwa-Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili.


Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


“UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”


“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite