Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 AbakwaBhenjamini ababalwa ngalolo lusuku babengamadoda ayizi-26 000 ahlome ngenkemba, aphuma emizini yakhona, zingabaliwe izakhamuzi zaseGibheya. Amadoda abalwa, akhethwa ayengama-700.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Abantwana bakwaBenjamini babalwa ngaleso sikhathi bephuma emizini, bephuma emizini, baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha ahloma inkemba, ngaphandle kwabemi baseGibeya, ababalwayo baba ngamadoda akhethiweyo angamakhulu ayisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:15
9 Referans Kwoze  

Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.


UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.


UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.


labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaBenjamini, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.


Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.


Abantwana bakwaBenjamini babuthana eGibeya, bevela emizini, ukuba baphume balwe nabantwana bakwa-Israyeli.


Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite