Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuze akhulume naso, asibuyise. Wayehamba nenceku yakhe, nezimbongolo ezimbalwa; samngenisa endlini kayise, lapho umukhwe wakhe embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umyeni wakhe wasukuma, wayilandela ukuze akhulume kahle nayo, wayibuyisa, nenceku yakhe kanye nayo nezimbongolo; yamngenisa endlini kayise; uyise womntwana eyibona, wathokoza ukuyihlangabeza.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:3
16 Referans Kwoze  

Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.


Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”


Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.


“Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi; wathi: “Ngiyakungena kumkami ekamelweni.” Kepha uyise kavumanga ukuba angene.


Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.


“ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.


Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.


Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.


Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ ungasangibizi ngokuthi: ‘NguBali wami.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite