Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwathi besajabula izinhliziyo zabo, bheka, amadoda omuzi, amadodana kaBheliyali, ahaqa indlu, ashaya umnyango, akhuluma kumninindlu, ixhegu, ethi: “Letha ukukhulula.” indoda engene endlini yakho, ukuze simazi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:22
19 Referans Kwoze  

Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,


Abantu baseGibeya bangivukela, bahaqa indlu nxazonke zami ebusuku; bacabanga ukungibulala mina, nesancinza sami basona; sesifile.


Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?


Inkosi yami mayinganakekeli lowo muntu omubi uNabali, ngokuba unjengegama lakhe, unjalo yena; nguNabali* igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithumayo.


Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: “Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele.” Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?


Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.


Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.


Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.”


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi, bese nimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.’ ”


Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.


Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite