Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 SebengaseJebusi, ilanga lase lidlulile kakhulu; inceku yathi enkosini yayo: “Ake uze, siphambukele kulo muzi wamaJebusi, sihlale kuwo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Sebeseduze neJebusi, ilanga lase lishonile; inceku yathi enkosini yayo: “Woza, ake siphambukele kulo muzi wamaJebusi, silale ubusuku kuwo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho sebeseJebusi, usuku lwase ludlule; inceku yathi enkosini yayo: “Woza singene kulo muzi wamaJebusi, silale khona;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:11
8 Referans Kwoze  

Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.


Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.”


Kukhona nokho utshani nefoliji* lezimbongolo zethu; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi, izinceku zakho; akusweleke lutho.”


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite