Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Indoda yenqaba ukuphinde ilale ngalobo busuku, yasukuma yahamba, yaze yafika maqondana neJebusi, okuyiJerusalema. Yayihamba nesancinza sayo nezimbongolo ezimbili eziboshelwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa lo muntu akathandanga ukuhlala ngalobo busuku, kodwa wasuka wahamba, wafika eJebusi, okuyiJerusalema; futhi wayeboshelwe izimbongolo ezimbili; nesancinza sakhe sasinaye.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:10
7 Referans Kwoze  

AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;


Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.


Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.


Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite