Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalezo zinsuku kungekho nkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ezintabeni zakwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBetlehema Juda.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:1
29 Referans Kwoze  

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala, ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika.


“ ‘Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi oyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


“AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.


Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.


Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.


URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe, ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nezancinza ezingamashumi ayisithupha, wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho


Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.


UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.


Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: “Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?”


Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika.


Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.


Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.


Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.


Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.


Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.


Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini.


Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.


Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema wahlulela u-Israyeli.


Basuka khona, baya ezintabeni zakwa-Efrayimi, bafika endlini kaMika.


Nanka amagama azo: oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite