Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Athi kuyo: “Ake usibuzele kuNkulunkulu ukuthi uhambo esiluthathile luzoba yimpumelelo yini, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Basebesithi kuye: Cela iseluleko kuNkulunkulu, ukuze sazi ukuthi indlela esihamba ngayo izaphumelela yini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:5
12 Referans Kwoze  

Kepha uJehoshafati wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Ake ubuze namuhla izwi likaJehova.”


banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,”


Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.


Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Inkosi u-Ahazi yamyala u-Uriya umpristi ngokuthi: “Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni, nomnikelo wempuphu wakusihlwa, nomnikelo wokushiswa wenkosi, nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe, nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa, ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.”


Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kukhona kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi,* nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.”


Wayesethi uMika: “Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle, lokhu nginomLevi ongumpristi wami.”


Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi,* wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.


Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.”


Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”


Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite