Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 AbakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo. UJonathani, indodana kaGerishomi, indodana kaManase namadodana akhe, babengabaphristi besizwana sakwaDani, kwaze kwaba lusuku izwe elathunjwa ngalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani, indodana kaGereshomu, indodana kaManase, yena namadodana akhe baba ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwafika usuku lokuthunjwa kwezwe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:30
20 Referans Kwoze  

Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi,* wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.


Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva; unina wathi: “Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami, libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; manje ngiyakulibuyisela kuwe.”


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.


Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.”


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’ “Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’


“ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;


namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethe: “Ngangingumfokazi kwelinye izwe,”


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


Ngalokho uJehova wathukuthelela u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ezonweni zonke zikaJerobowamu azenzayo, abasukanga kuzo,


uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite