Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Bathatha okwakwenziwe nguMikha nomphristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula, belondekile, bababulala ngenkemba, bashisa nomuzi ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Base bethatha impahla uMika abeyenzile, nompristi abenaye, bafika eLayishi nabantu abanokuthula nabalondekile; bababulala ngosiko lwenkemba, bashisa umuzi ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:27
8 Referans Kwoze  

Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.


Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise.


Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”


Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.


NgoDani wathi: “UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”


“UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe, njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.


Bahamba abantwana bakwaDani; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.


UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite