Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Bamemeza kubantwana bakwaDani, baphenduka, bathi kuMika: “Yini ukuba ufike nesixuku na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Abamemeza abakwaDani, baphenduka, base bethi kuMikha: “Kwenzenjani, usilandelelani nalesi sixuku, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Babiza abantwana bakwaDani. Base bephendula ubuso babo, bathi kuMika: “Kuyini kuwe ukuthi uze nesixuku esingaka na?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:23
8 Referans Kwoze  

Isiprofetho ngesiGodi Sombono. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke ophahleni lwezindlu


Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,


Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?” Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’


Inkosi yathi kuye: “Unani na?” Wathi: “Maye, ngingumfelokazi! Indoda yami seyafa.


Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: “Yini ukuba abantu bakhale na?” Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.


UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.


Sebekude nendlu kaMika abantu abasezindlini eziseduze nendlu kaMika babuthana, babafica abantwana bakwaDani.


Wathi: “Nithathile onkulunkulu bami engabenzayo, nompristi, namuka; ngisenani na? Nisholoni kimi ukuthi: ‘Yini na?’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite