Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka, bafika lapho, basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Lawo madoda ayisihlanu ayekade eyohlola izwe angena, athatha isithombe esibaziweyo, ingubo yamahlombe, itherafimi nesithombe esibunjiweyo. Umphristi wayemi ngasekungeneni kwesango namadoda angama-600 ayehlomile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Amadoda amahlanu ayehambile ukuhlola izwe akhuphuka angena khona athatha isithombe esibaziweyo nesembatho sasemahlombe nezithixo zendlu nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ekungeneni kwesango namadoda angamakhulu ayisithupha ahlome izikhali zempi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:17
19 Referans Kwoze  

Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kukhona kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi,* nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.”


Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.


Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.


Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana omabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.


UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye: “Niyakumlwela uBali, nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni; uma engunkulunkulu, makazilwele yena, lokhu kukhona olibhidlizile i-altare lakhe.”


Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.


ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.


Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”


Abantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa abangabantwana bakwaDani bema ngasesikhaleni sesango.


Labo sebengenile endlini kaMika basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wathi kubo: “Nenzani na?”


UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.


Bheka, bayize bonke; imisebenzi yabo ayiyinto yalutho, nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.


Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite