Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Uma nihamba, niyofica abantu abangaxwaye lutho. Izwe libanzi, uNkulunkulu ulinikele esandleni senu; indawo lapho kungasweleke lutho lwasemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma nihamba niyofika kubantu abalondekile nasezweni elikhulu, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu; indawo lapho okungekho lutho okungekho emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:10
14 Referans Kwoze  

Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo.


Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


njengalokho bangenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Bathi: “Sukani, senyukele kubo, ngokuba silibonile izwe; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe.


Kwase kuphuma lapho kumndeni wakwaDani eSora nase-Eshitawoli abantu abangamakhulu ayisithupha bebhincile izikhali zokulwa.


Ayesebuya lawo madoda omabili, ehla entabeni, awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo.


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite