Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi. Wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi* igqatshulwa, lapho izwa umlilo. Ngalokho amandla akhe awaziwanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini lakhe elingaphakathi, elinde khona, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni!” Kepha wazigqabula kalula nje izintambo kwangathi umucu kahalibhoma lapho ushiswa ngumlilo. Ngakho-ke imfihlo yamandla akhe ayaziwanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwakukhona amadoda ayeqamekele futhi ehlezi naye ekamelweni. Wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni; Wahlephula izinwele, njengokugqashuka kwentambo lapho ithinta umlilo. Ngakho amandla akhe ayengaziwa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:9
5 Referans Kwoze  

Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.


USamsoni wathi kuye: “Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”


Amakhosi amaFilisti ayeseletha kuye izinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, wambopha ngazo.


Wayesethi uDelila kuSamsoni: “Bheka, udlale ngami, wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.”


Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite