Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo. Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wazidudula ngamandla akhe wonke; indlu yawela phezu kwamakhosi, nabo bonke abantu ababekuyo. Ngakho-ke labo ababulala ngesikhathi sokufa kwakhe babebaningi kunalabo ababulala esaphila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 USamsoni wasesithi: Ake ngife lamaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke; indlu yawela phezu kwezikhulu naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo. Ngakho abafileyo ababulala ekufeni kwakhe babe baningi kunalabo ababulala esaphila.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:30
21 Referans Kwoze  

wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.


ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.


ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.


Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?


Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.


Wababulala ithebe nethanga ngokubulala okukhulu; wehla, wahlala ofantwini lwedwala lase-Etamu.


UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.


USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu, wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.


Base behla abafowabo nayo yonke indlu kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSora ne-Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite