Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: “Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele.” Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezeneme, bathi: “Bizani uSamsoni ukuze asidlalele.” Bambiza-ke uSamsoni esejele, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Lapho izinhliziyo zabo sezithokozile, bathi: “Bizani uSamsoni ukuba asidlalele.” Basebembiza uSamsoni etilongweni; basebemmisa phakathi kwezinsika.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:25
23 Referans Kwoze  

U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.”


Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


kepha bheka, nakhu ukujabula, nokuthokoza, nokubulala izinkabi, nokuhlaba izimvu, ukudla inyama nokuphuza iwayini, ngokuthi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”


Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela, baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


Kwathi esezwa leli zwi, ephuza kanye namakhosi emadokodweni, wathi ezincekwini zakhe: “Mayiphume.” Yayisiphuma ukulwa nomuzi.


Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.”


Yayisithokoza inhliziyo yompristi, wayithatha ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.


Abantu bambona, bamtusa unkulunkulu wabo, ngokuba bathi: “Unkulunkulu wethu unikele esandleni sethu isitha sethu nomchithi wezwe lakithi obulele abaningi phakathi kwethu.”


USamsoni wathi kumfana owayembambe ngesandla: “Ngivumele ukuphatha izinsika indlu emi ngazo ukuba ngencike kuzo.”


Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite