Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuthintanga mpuco ekhanda lami, ngokuba bengingumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngakho-ke wayesemtshela yonke imfihlo yakhe, wathi kuye: “Ikhanda lami alikaze liphucwe ngensingo, ngokuba ngingumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni sikamame. Uma ngigundwa ayophela amandla ami, ngibe ntekenteke, ngifane nabo bonke abantu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuzange kufinyelelwe mpuco ekhanda lami; ngoba ngangingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamama.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:17
10 Referans Kwoze  

Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.


Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.


ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


“ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side.


Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova,


Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe, emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.


UDelila wabona ukuthi wayemtshelile yonke inhliziyo yakhe; wathuma wawabiza amakhosi amaFilisti, wathi: “Yenyukani kalokhu, ngokuba ungitshelile yonke inhliziyo yakhe.” Ayesenyukela kuye amakhosi amaFilisti, aletha imali esandleni sawo.


Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite