Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wayesethi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na? Usudlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UDelila wayesethi kuSamsoni: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, uma inhliziyo yakho ingenami, na? Usungikhohlise kwaze kwaba kathathu, awungitsheli ukuthi yini ekwenza ube namandla angaka.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi: ‘Ngiyakuthanda, uma inhliziyo yakho ingekimi na?’ Udlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi akuphi amandla akho amakhulu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:15
18 Referans Kwoze  

UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda kuphela, awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona.” Wathi kuye: “Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?”


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,


Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.


“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo nakuye owezizwe onamazwi athophayo,


U-Abisalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukuthembeka kwakho kumngane wakho na? Awuhambanga ngani nomngane wakho na?”


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.


Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa.


Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe, emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.


Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite