Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 15:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngaleso sikhathi wayesomile kakhulu, wakhala kuSimakade wathi: “Wenze lokhu kukhululwa okukhulu ngesandla senceku yakho. Sengizakufa yini ukoma bese ngiwela ezandleni zabangasokile, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Futhi woma kakhulu futhi wabiza uJehova wathi: “Wena unike lokhu kukhululwa okukhulu esandleni senceku yakho; futhi manje ngizofa ngokoma futhi ngiwele esandleni sabangasokile na?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 15:18
19 Referans Kwoze  

Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,


Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.”


“Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”


Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


USamsoni wakhala kuJehova, wathi: “Nkosi Nkulunkulu, ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela, Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.”


UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho.


Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.


U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.


Kwathi eseqedile ukukhuluma, wawulahla umhlathi esandleni sakhe; leyo ndawo yathiwa iRamati Lehi.


Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite