Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 14:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, wehlela e-Ashikeloni, wabulala kubo abantu abangamashumi amathathu, wathatha impango yabo, wanika abachaza imfihlakalo izingubo. Intukuthelo yakhe yavutha, wakhuphukela endlini kayise.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 14:19
9 Referans Kwoze  

UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.


Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.


UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.


Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Kuyini okumnandi kunezinyosi? Kuyini okunamandla kunengonyama na?” Wathi kubo: “Uma beningalimanga ngesithokazi sami, ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”


UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.


Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.


Lawa angamathumba egolide amaFilisti awabuyisa abe ngumnikelo wecala kuJehova: elinye ngele-Ashidodi, nelinye ngeleGaza, nelinye ngele-Ashikeloni, nelinye ngeleGati, nelinye ngele-Ekroni;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite