Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 13:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UMoya kaJehova waqala ukumnyakazisa ekamu lakwaDani phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 13:25
13 Referans Kwoze  

UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


Emathafeni: i-Eshitawoli, neSora, ne-Ashina,


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.


Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta, wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni.


Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni, wabetha icilongo, kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.


USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.


UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.


Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.


Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi,


Base behla abafowabo nayo yonke indlu kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSora ne-Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite