Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 13:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha umkakhe wathi kuye: “Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho, nga engasitshelanga izinto njengalezi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Kepha umkakhe wathi kuye: “Ukuba uSimakade ubeqonde ukusibulala, ubengeke awemukele umnikelo wokushiswa nowokusanhlamvu ophuma ezandleni zethu, noma asikhombise konke lokhu, futhi ubengeke asitshele izinto ezifana nalezi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kodwa umkakhe wathi kuye: “Uma uJehova ebethanda ukusibulala, nga ngawamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, futhi ubengasivumelanga ukuba sizibone zonke lezi zinto, njenganamuhla. Asikhulumanga izinto ezinje.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 13:23
12 Referans Kwoze  

Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.


ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!


Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.


Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite