Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngibona ukuthi aningikhululanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukele kimi namuhla ukulwa nami. Mina?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 12:3
11 Referans Kwoze  

Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?


Owesifazane wafika kuSawule, wabona ukuthi wesaba kakhulu, wathi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.


wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.


Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”


Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”


ngokuba ubaba wanilwela wazidela, wanophula esandleni sabakwaMidiyani;


UJefta wathi kubo: “Mina nabantu bami sasilwa kakhulu nabantwana bakwa-Amoni; nganibiza, aningisindisanga esandleni sabo.


UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi, walwa no-Efrayimi; abantu bakwaGileyadi bamahlula u-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningababalekileyo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi phakathi kwabakwa-Efrayimi naphakathi kwabakwaManase.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite