Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 12:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amadoda akwa-Efrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: “Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantu bakwa-Efrayimi babuthana, bakhuphukela ngasenyakatho, bathi kuJefta: “Uweleleni ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? siyakushisa indlu yakho phezu kwakho ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 12:1
14 Referans Kwoze  

Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Ukwenzeleni lokhu kithina ukuthi awusibizanga lapho uyakulwa nabakwaMidiyani na?” Bamkhankatha kakhulu.


ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.


UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”


Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo.


AmaFilisti ayesethi: “Ngubani okwenzile lokho na?” Bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana wowaseThimna, ngokuba yena uthathe umkakhe, wamnika umngane wakhe.” AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.


Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.


UJefta wathi kubo: “Mina nabantu bami sasilwa kakhulu nabantwana bakwa-Amoni; nganibiza, aningisindisanga esandleni sabo.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.


Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite