Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 yonke iminyaka, amadodakazi akwa-Israyeli ahambe ayolilela indodakazi kaJeftha wakwaGileyadi izinsuku ezine.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 ukuthi amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba iminyaka ngeminyaka ukuyililela indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:40
6 Referans Kwoze  

Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.


Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.


Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.


Amadoda akwa-Efrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: “Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.”


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite