Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJefta wafika endlini yakhe eMispa; futhi wayezelwe yedwa; ngaye wayengenandodana nandodakazi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:34
18 Referans Kwoze  

Ngiyakubuye ngikwakhe, wakheke wena ntombi ka-Israyeli; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.


Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.


Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.


Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.


Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.


Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Khona intombi iyakuthokoza ekusineni, nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwabo kube ngukujabula, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.


Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo.


nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.


UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


neMispa, neKefira, neMosa,


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite