Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Akuyimi engonileyo kuwe, kodwa nguwe owenza okubi kimi ngokulwa nami. Sengathi uSimakade ongumehluleli anganquma namuhla phakathi kwabakwa-Israyeli nabakwa-Amoni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngakho mina kangonanga kuwe, kodwa wena wenza okubi kimi ngokulwa lami; uJehova uMahluleli uzakwahlulela lamuhla phakathi kwabantwana bakoIsrayeli labantwana bakoAmoni.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:27
27 Referans Kwoze  

UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.” UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.


sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.


Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba, ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.


kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.


Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*


UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo; unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.


Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye, mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.


Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami.


Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi.


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.


Kodwa inkosi yabantwana bakwa-Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo.


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela okubi;’ ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite