Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:18
8 Referans Kwoze  

UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.


Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.


“UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”


‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;


“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite