Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:16
9 Referans Kwoze  

Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’


Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”


Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.


Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.


Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?


wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite