Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngaphezu kwalokho, abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuze nabo balwe noJuda noBhenjamini kanye nendlu ka-Efrayimi; u-Israyeli wacindezeleka kakhulu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 10:9
13 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni.


Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha.


USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”


Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula, kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho, kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,


Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”


Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.


Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.


Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite