Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 10:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Abantu, izikhulu zakwaGileyadi, bathi omunye komunye: “Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Abantu nezikhulu zakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngumuphi lowo ozoqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? uyakuba yinhloko phezu kwabo bonke abakhileyo kwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 10:18
10 Referans Kwoze  

UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.


Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.


Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”


UJefta wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.


Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”


Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.


UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta.


Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite