Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 1:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kwathi lapho u-Israyeli esenamandla, wakhokhisa amaKhanani, awazange awaxoshe ngokuphelele.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 1:28
9 Referans Kwoze  

UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.


Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.


abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.


Isandla sabakhutheleyo siyakubusa, kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.


Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Wathi futhi: “Ubusisiwe uJehova, uNkulunkulu kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo.


Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze.


Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite