Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 1:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Abendlu kaJosefa benyuka bahlasela iBhethele, uSimakade wayenabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Indlu kaJosefa nayo yakhuphukela eBethele, futhi uJehova wayenabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 1:22
12 Referans Kwoze  

UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.


esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili.


nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.


UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.


Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.


Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:


Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.


kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile; amandla ezandla zakhe aqiniswa ngezandla zoMninimandla kaJakobe, okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,


Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite