Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi: “Mefibosheti.” Wathi: “Nansi inceku yakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule efika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka kuye. UDavide wathi: “Mefibosheti! Wathi: Nansi inceku yakho;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 9:6
12 Referans Kwoze  

Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.


Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.


Yayisithi-ke inkosi kuSiba: “Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti.” Wathi uSiba: “Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”


Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.


Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.


Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,


UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.


Inkosi uDavide yayisithuma yamlanda endlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari.


Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’


Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite