Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavida wamisa abalindi eSiriya eDamaseko; ama-Aramu aba yizigqili zikaDavida aletha izipho. UJehova wamvikela uDavide yonke indawo ayeya kuyo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:6
26 Referans Kwoze  

Wamisa amakhanda kwa-Edomi; kulo lonke lakwa-Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.


Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.


nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.


Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.


Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: ‘Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ”


Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamtshelanga uyise.


UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.”


UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema.


Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.


UMowabi wahlubuka kwa-Israyeli emva kokufa kuka-Ahabi.


UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.


Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?


UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.


Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite