Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ama-Aramu aseDamaseku afika ukuzosiza uHadadezeri, inkosi yaseZobha. UDavide wabulala ama-Aramu ayizi-22 000.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho ama-Aramu efika evela eDamaseku ukusiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:5
9 Referans Kwoze  

AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.


Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku, nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.


“UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.


UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite