Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amabili;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:4
8 Referans Kwoze  

UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”


Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’


Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite