Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UDavide wamnqoba uHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha, ngesikhathi ephumele ukuyobuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UDavide wamshaya noHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuyeni kwakhe ukubuyisela umkhawulo wakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:3
15 Referans Kwoze  

USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.


Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.


UHadadezeri wathuma wakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula;* afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo.


UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, abuthana ndawonye.


no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi,


USolomoni waya eHamati Soba, walahlula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite