Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKreti nasePleti; amadodana kaDavide ayeyizinhloko.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:18
18 Referans Kwoze  

Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”


uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.


UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;


Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe, namaKhereti namaPheleti, namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.


Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.


inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi;


Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, isizwe samaKhereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani, lizwe lamaFilisiti. “Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.


uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;


u-Ira umJayiri wayengumpristi kaDavide.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.


NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.


u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna; uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;


Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari* nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaJehova, wenza isivumelwano nazo, wazifungisa endlini kaJehova, wazibonisa indodana yenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite