Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 e-Aramu, kwaMowabi, kubantu bakwa-Amoni, kumaFilisti, kuma-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 kwa-Aramu, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri, indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:12
10 Referans Kwoze  

Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.


Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.


Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakufika ngikusize.


UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo; baziqhuba phambi kwakhe, bathi: “Yimpango kaDavide le.”


UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.


Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.


UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite