Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Nalezo, inkosi uDavide yazehlukanisela uSimakade nesiliva negolide eyayilehlukanisile livela ezizweni zonke eyayizinqobile:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nayo inkosi uDavide yakungcwelisela uJehova, kanye nesiliva negolide yakungcwelisa ezizweni zonke eyazehlisayo;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:11
8 Referans Kwoze  

Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ayezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.


“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.


Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu* nawokufakwa, namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo, nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.


Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.


uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.


Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite