Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 uThoyi wathumela uJoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuba ayombingelela futhi ambusise, ngenxa yokuba wayelwe noHadadezeri, wamnqoba. UHadadezeri wayevamise ukulwa noThoyi. UJoramu wayephethe izinto ezenziwe ngesiliva, ngegolide, nangethusi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJoramu indodana yakhe wayesethumela enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba; ngoba uHadadezeri wayelwile loThoyi. UJehoramu waletha izitsha zesiliva nezitsha zegolide nezitsha zethusi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:10
9 Referans Kwoze  

Abadlulayo abasho ukuthi: “Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.”


wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.


Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.


Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.


Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: ‘UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.’


Wabuza impilo yabo, wathi: “Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo, na? Usekhona na?”


Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri,


Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:


Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waze waphakanyiswa emehlweni abo bonke abezizwe ngasemuva.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite