Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi emveni kwalokho, uDavide wawashaya amaFilisti, wawanqoba, wadla ingxenye yenhlokomuzi yawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasemuva uDavida wawatshaya amaFilisti, wawanqoba; uDavide wathatha iMetegama esandleni samaFilisti.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:1
14 Referans Kwoze  

nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.


Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni.


abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.


“Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.


Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.


UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.”


Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.


Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.


UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile, wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.


Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite