Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yokhuni lomsedari, kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala ngaphakathi kwezilenge.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:2
24 Referans Kwoze  

UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.


UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.


owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”


“Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu iseyize, na?”


Izenzo zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


ngingakatholeli uJehova indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.”


Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavide wayewukhuphulile eKiriyati Jeharimi, wawuyisa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngokuba wayewumisele itende eJerusalema.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu.


Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.


Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.


U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”


Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.


“Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.


Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaNathani umprofethi, nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna; uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;


ukuthi wafunga kuJehova, wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite