Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:12
36 Referans Kwoze  

Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,


“UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


Izinsuku zikaDavide zasondela ekufeni; wayesemyala uSolomoni indodana yakhe, ethi:


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.


Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.


Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.


Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.”


Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.


Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide;


Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Futhi yasho kanje inkosi, yathi: ‘Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.’ ”


ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: ‘Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu – washo njalo – esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.’


Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:


kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.


Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.


Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?


Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.


Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.


Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”


UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.


kepha wena awuyikwakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho usukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite